Imininingwane Yama-ofisa Olwazi.
Imininingwane Yama-ofisa Olwazi.
Imininingwane Yama-ofisa Olwazi.
Imininingwane Yama-ofisa Olwazi.
Imininingwane Yama-ofisa Olwazi.
Isigaba 32 soMthethosisekelo weRiphabhulikhi yaseNingizimu Afrika (Umthetho No. 108 ka-1996) ("Umthethosisekelo") sihlinzeka ngelungelo lomphakathi lokuthola ulwazi oluphethwe yinoma iyiphi inhlangano ezimele noma kaHulumeni.
ukushaywa komthetho ukuze kukhuthazwe ukutholakala kolwazi.
Leli bhukwana lihlose ukuphoqelela isiko lokwenzela izinto obala kanye nokuziphendulela eMnyangweni Wezasekhaya ("DHA" - Department of Home Affairs) ngokusebenzisa ilungelo lolwazi lomnyango lokuthi umuntu ngamunye noma inhlangano ingadinga ukusebenzisa futhi ivikele nanoma yiliphi lamalungelo ayo.
Ilungelo lokuthola ulwazi elihlinzekelwe eMthethweni kufanele lisetshenziswe ngokwemikhawulo evunyelwe ngumthetho ehlinzekelwe kusigaba- 9 soMthetho (kubandakanya, kodwa kungenamikhawulo, emingceleni ehlose ekuvikeleni ukuba nemfihlo okuzwakalayo, ukuba nemfihlo kwezohwebo kanye nokubusa okusebenza ngempumelelo, okusebenza kahle nokuhle) futhi ngendlela elinganisa lelo lungelo kanye namanye amalungelo, kubandakanya lawo akuMthetho Wamalungelo kuMthethosisekelo.
Ngokwesigaba -14 soMthetho, izinhlangano zomphakathi ezinjenge-DHA kufanele zihlanganise ibhukwana elizosiza ukuthi abantu bathole ulwazi olukulenhlangano. Isigaba- 14 izibeka zicace izidingo eziphansi zalelo bhukwana.
Ngokuvumelana nomthethosisekelo kanye nomthetho, i-DHA yethula leli bhukwana ngomzamo wokuphoqelela isiko lokwenzela izinto obala kanye nokubusa okuhle.
Inhloso yaleli bhukwana ukunikeza ocela ulwazi oluserekhodini izinqubo kanye nemininingwane yokuxhumana edingekayo ukuthola ulwazi oluqonde ngqo ku-DHA.
Ibhukwana linikeza futhi umuntu ocela ulwazi incazelo ecacile yesakhiwo, amagunya kanye nemisebenzi ye-DHA, kanye nokuhlelwa kolwazi lwabo ngezigaba zabo, ukuze ocela ulwazi ezokwazi ukubona kalula ukuthi ulwazi olufunekayo lunotholakala kuphi.
Isigaba- 10 soMthetho sidinga ukuthi iKhomishini yaamalungelo Abantu yaseNingizimu Afrika (South African Human Rights Commission) ("SAHRC") ihlanganise ibhukwana eliyisiqondiso lokuthi usetshenziswa kanjani uMthetho, ngazo zonke izilimi ezisemthethweni kanye nesakhiwo okulula ukusifunda, ngoJulayi ngo-2003. Ngesikhathi okwabhalwa ngaso leli bhukwana, ibhukwana eliyisiqondiso le-SAHRC lalingekho.
Imininingwane yokuthinta wonke umsebenzi wolwazi kanye nephini lomsebenzi wolwazi wayo yonke inhlangano yomphakathi.
Ulwazi lokuthi usifaka kanjani isicelo sokuthola amarekhodi ezinhlangano zomphakathi nezizimele.
Usizo olutholakalayo kumsebenzi wolwazi lwenhlangano yomphakathi ngokomthetho.
Okokulungisa okusemthethweni okutholakalayo uma inhlangano yomphakathi noma ezimele yehluleka ukuhambisa ngokwalo Mthetho, kubandakanya ukuthi usifaka kanjani isikhalo sangaphakathi nokufaka isicelo enkantolo (okuyinto yokugcina uma uzama ukusebenzisa noma yimaphi amalungelo ashiwo eMthethweni).
Ulwazi lokuthi izikhungo zomphakathi nezizimele ziwahlanganisa kanjani amabhukwana, nokuthi abacela ulwazi bawathola kanjani amarekhodi, kanjalo nasekudaluleni izinhlobo ezithile zamarekhodi ngokuzithandela.
Incazelo yezimiso ezenziwe ngokomthetho.
Leli bhukwana lokuqondisa lizofakwa ulwazi olusha futhi liphinde lishicilelwe njalo eminyakeni emibili.
Imitapo yezincwadi ekhethiwe kusifundazwe ngasinye, ezibekwe "njengezindawo zokufaka ezisemthethweni", ngokoMthetho Wokufaka Osemthethweni (Umthetho Weno. 54 ka-1997).
Zonke izikhungo zezemfundo ephakeme ezenziwe ngokusemthethweni.
Wonke amahhovisi enhlangano yomphakathi, kubandakanya onke amahhovisi omantshi kanye nawo wonke amaHhovisi oMnyango Wezobulungiswa Nokwenziwa komthethosisekelo.
Kufanele futhi litholakale emahhovisi e-SAHRC kanye nakuwebhsayithi ye-SAHRC ku- http://www.sahrc.org.za. Ukwengeza, iyoshicilelwa futhi kuGazethi kaHulumeni. Lingabhekwa mahhala kulezi zikhungo ezingenhla, yize-ke izindleko zokwenza amakhophi zingakhokhwa.
Isicelo sokuthola amarekhodi e-DHA kufanele senziwe kufomu eshiwo ngokusemthethweni eshicilelwe kuSaziso sikahulumeni No. R. 187 kamhla ka-15 Februwari 2002. Umthetho ukhomba kabanzi kumsebenzi wolwazi njengomuntu okufanele amukele futhi ahleli zicele, kodwa kufanele kwaziwe ukuthi isigaba 17 sivumela ukuthi kukhethwe abantu abengeziwe ukuthi basize umsebenzi wolwazi. Laba bantu abafanele abakhethiwe babizwa ngokuthi amasekela omsebenzi wolwazi.
Le fomu kulula ukuyigcwalisa, kodwa uma kunesidingo kungabizwa isekela lomsebenzi wolwazi ukuthi azosiza lowo ocelayo. Uma kungenzeka ocelayo angakwazi ukwenza isicelo esibhaliwe, isekela lomsebenzi wolwazi uzogcwalisa ifomu bese enika ocelayo ikhophi.
Abacelayo kufanele bazi ukuthi yimaphi amarekhodi abawafunayo. Uma ocelayo engakwazi ukunikeza imininingwane ngamarekhodi adingekayo ukuthi asheshe akwazi ukuthi abonakale kalula, i-DHA izokwazi ukusiza ocvelayo ngokushesha.
Abacelayo kufanele bathole ukuthi ubani onamarekhodi. Kufanele basebenzise uhlu lwezihloko kanye nezigaba zolwqazi oluphethwe isekela lomsebenzi wolwazi ngalinye ukuze bakwazi ukunquma ukuthi yiliphi isekela lomsebenzi wolwazi ongahle kube unerekhodi, bese bebhala izicelo zabo baziyise kulelo sekela lomsebenzi wolwazi. Isekela lomsebenzi wolwazi ngalinye libhekene nomsebenzi wokunquma ukuthi linikezele yini ngemvume yokuthola amarekhodi angaphansi kolawulo lwalo.
Amafomu okufaka isicelo atholakala kunoma yiliphi ihhovisi lesekela lomsebenzi wolwazi. Ingasetshenziswa nekhophi yefomu. Ifomu eligcwalisiwe lokufaka isicelo lingaba nemininingwane eminingi kangangokuba ocelayo engakwazi ukuyiletha.
Kwemukelwa kuphela imali, amaposi oda kanye namasheke agunyazwe yibhange. Ukukhokha kungenziwa ehhovisi le-DHA eliseduze (uma lelo hhovisi lingenaye umuntu oshaya isisefo, liyothumela ocelayo ehhovisi le-DHA elinaye) futhi ikhophi efakazisiwe yerisidi kufanele enanyatheliswe kufomu yokufaka isicelo. Okukanye, inkokhelo yakho ingaphelezela ifomu yokufaka isicelo kanye nerisidi onikwe lona.
Emva kokuba ifomu seligcwalisiwe, kufanele lilethwe kusekela lomsebenzi wolwazi ofanele. Asikho isidingo sokuthi lilethwe ngesandla; empeleni, kungeze kwenzeka lokhu ngaphandle uma kunamalungiselelo enziwe ngaphambi kokuliletha. Umbhalo ogcwalisiwe ungafekswa, uthunyelwe nge-e-mail, uposwe noma uthunyelwe ngekhoriya kusekela lomsebenzi wolwazi ofanele.
Uma ukungakwazi ukubhala nokufunda noma ukukhubazeka kuvimbela ocelayo ukuthi enze isicelo, ocelayo angacela isekela lomsebenzi wolwazi ukuthi limsize.
Kuyaye kube ngcono ukulungiselela kusenesikhathi ukwenza isicelo somlomo nokuchaza ukuthi kudingeke ngani ukukwenza lokho.
Ngesikhathi sezingxoxo zokubuzana imibuzo, isekela lomsebenzi wolwazi lizogcwalisela ifomu lokufaka isicelo ocelayo bese limnika ikhophi yefomu egcwalisiwe.
Amasekela omsebenzi wolwazi akwa-DHA azobasiza ngentokozo abacela amarekhodi akwa-DHA. Ngaphezu kwalokho, amasekela omsebenzi wolwazi alo mnyango azosiza abacelayo abafuna ukufaka izicelo komunye umnyango noma enhlanganweni ezimele. Kodwa-ke, izicelo kunokwenzeka ukuthi kubhekwane nazo ngokushesha uma zilethwe ngqo enhlanganweni yomphakathi efanele. Ngakho-ke abacelayo bayelulekwa ukuthi benze njalo.
Ekutholakaleni kwesicelo, isekela lomsebenzi wolwazi lizosho ukuthi amarekhodi akuphi.
Uma lukwa-DHA, isekela lomsebenzi wolwazi elifanele okuyilona elilawula irekhodi liyosebenza isicelo esifakiwe ngokushesha.
Uma nanoma yiyiphi inhlangano kaHulumeni noma yomphakathi inolwazi, isicelo siyodluliselwa kumsebenzi wolwazi noma kusekela lomsebenzi wolwazi waleyo nhlangano. Lokho kwedlulisa kuyokwenziwa ezinsukwini eziyi-14 i-DHA ithole isicelo salowo osifakile. Lapho kudliswa, isekela lomsebenzi wolwazi olamukela isicelo, linganikezela futhi nganoma yiluphi ulwazi olwengeziwe olukhona olungasiza ekusetshenzweni kwesicelo.
Lesi sinqumo kuyoxhunyanwa ngaso nofake isicelo ngendlela ekhonjiswe nguye kufomu yokufaka isicelo.
Uma esenikiwe ulwazi, isaziso, phakathi kwezinye izinto, sizosho imali okufanele ikhokhwe (bheka izimiso zomthetho) kanye nefomu lapho kutholakala khona ulwazi.
Uma kwaliwe nokutholakala kolwazi, kuzonikezwa izizathu zokwala ngokoMthetho. Ocelayo uzokwaziswa futhi ngamanye amalungelo akhe ukuthi afake isikhalazo sangaphakathi noma afake isicelo enkantolo ukuthi asizwe kanye nenqubo okufanele ilandelwe. Lokhu kuchazwe kwenatshwa ngezansi.
Uma isinqumo singakatholakali kusekela lomsebenzi wolwazi ngesikhathi esibekwe ngokusemthethweni, kungathathwa ngokuthi isicelo asivunywanga.
Uma ocelayo enokukhubazeka okumvimbela ukuthi afunde, abheke, noma alalelele irekhodi lelo elifanele elikufomu elisenhlanganweni yomphakathi, isekelo lomsebenzi wolwazi lizokwenza wonke umzamo wokuthi libe khona kufomu engafundwa, engabhekwa noma izwiwe. Ayikho enye imali engaphezulu eyobizwa.
kuzoba yingozi ekugcinweni kwemibhalo; noma angeke kukwazeke ukwenza amakhophi ombhalo njengoba ilungelo lokushicilelwa kungesilo elikahulumeni.
Izizathu ezibalwe ngenhla zizincazelo okuhloswe ngazo ukuthi kwenziwe lula ukuqonda. Ekucabangeni ukufaka isicelo sangaphakathi noma ukuthatha isinyathelo somthetho, kufanele kucatshangwe ngesigaba lapho lezi zimpendulo zivela khona. Esimeni lapho kufakwa khona isikhalo sangaphakathi noma kufakwa isicelo enkantolo, ukutholakala kombhalo kungenzeka kuphela lapho sekuqinisekiswe isinqumo sokugcina.
Izikhalo zasekhaya angeke zifakwe abantu abacelayo nje kuphela abangavunyelwanga ukuthola ulwazi, kodwa nezinhlangano zesithathu uma abafaka isicelo benikezwa ulwazi.
Izikhalo zangaphakathi kufanele zilungiswe ngokwesimo esishiwo ngokomthetho ngokwezimiso zomthetho. Le fomu iyatholakala kusekela lomsebenzi wolwazi owemukela isicelo, noma nanoma yiliphi elinye isekela lomsebenzi wolwazi, noma ocelayo angasebenzisa ifothokhophi yeFomu B, okufanele itholakale ezimisweni zomthetho ezishicilelwe ngokweSaziso sikahulumeni No. R 187 sangomhla ka-15 Februwari 2002.
Umuntu ofake isicelo unezinsuku ezingu-60 zokufaka isikhalo sangaphakathi kusukela ngosuku lokwenqatshwa kwesicelo, ngaphandle uma kusazokwazisa izinhlangano zesithathu, okwenza ukuthi abe-ke nezinsuku ezingu-30 zokufaka isikhalo sangaphakathi kusukela ngosuku lokwenqatshwa kwesicelo. Abantu abangaqondene nalolu daba kuzoba abantu abafanayo laba isekela lomsebenzi wolwazi elalibazisile ngesicelo ekuqaleni uma kungukuthi isimo siyakuphoqa lokho ngaleso sikhathi.
Wonke umbuzo olungile efomini kufanele uphendulwe bese ifomu ihanjiswa kusekela lomsebenzi wolwazi ngumuntu uqobo, ngekhoriya, ngefeksi, ngeposi noma nge-e-meyili.
Uma umuntu ofake isicelo engeke akwazi ukufaka isikhalo ngesikhathi esibekiwe, kufanele kunikezwe izizathu ezanele zokufaka isikhalo emva kwesikhathi ukuze sikwazi ukubhekwa isiphathimandla esifanele.
Isinqumo sizoba khona ngokushesha okungenzeka, kodwa-ke ngezinye izimo ezinsukwini ezingama-30 zokuthola isikhalo sangaphakathi, kuncike kwezinye izinto ezithile ezishiwo esigabeni 77 soMthetho.
Uma kungakaze kutholakale mpendulo ekupheleni kweikhathi, kufanele kwamukeleke ukuthi isikhalo sangaphakathi sichithiwe ngokomthetho.
Uma isicelo sivunyiwe kodwa abantu abangaqondene ngqo nesicelo base befaka isikhalo, umuntu ocelayo uyonikezwa isaziso ngesinqumo.
izizathu ezanele zesinqumo, zizocaphuna izinto ezihlinzekwa ngumthetho, kanye nesitatimende sokuthi izingxenye ezibandakanyekile zingafaka isicelo enkantolo sokuphikisana nesinqumo.
Umuntu ocelayo noma abantu abangaqondene nalokhu abaphikisanayo bangafaka isicelo sosizo enkantolo esifanele ngemuva kokuba sebenze konke ngenqubo yesikhalo sangaphakathi.
Izicelo kufanele zifakwe ezinsukwini ezingama-30 enkantolo enamandla omthetho okwenza lokho.
Isicelo kufanele silandele inqubo eshiwo esigabeni 79 soMthetho.
Lokhu kuzobandakanya, kokunye, incwadi yokufungela okulotshiwe, amakhophi ayiqiniso afakazisiwe ayo yonke imibhalo eyesekwayo kanye nesifungo sokuthi zonke izinqubo zesikhalo sangaphakathi ezishiwo esigabeni 74 sezisetshenziswe zonke.
c enikeza ukwenqatshelwa ngokomthetho, usizo lwesikhashana noma olushiwo ngqo, umyalelo ofungayo nomaisinxephezelo; kanye d ekushoyo ukukhokhwa kwezindleko.
Ngokwesigaba 15 soMthetho (uma ukhona) kudingeka ukuthi isaziso sishicilelwe kuleli bhukwana. Ngesikhathi sokushicilelwa kwaleli bhukwana, besingakabi bikho isaziso esinjalo esase sishicilelwe.
nasenhlanganweni ngaphandle kwemali.
Ezigabeni ezingezansi ezibhekene namarekhodi aphethwe isekela lomsebenzi wolwazi ngalinye, kwenziwe wonke umzamo wokunikezela ngalolu lwazi kunanoma yisiphi isimo.
Njengenhlangano enamagunya nemisebenzi ehlukene, inhlosongqangi yoMnyango yenziwa amayunithi amaningi enhlangano, amahhovisi esifunda kanye nezimishini zamazwe angaphandle. Imisebenzi ilethwa kumaklayenti ngamahhovisi esifunda/esigodi kanye nezindawo zemisebenzi, amayunithi ahambayo kanye namahhovisi aphesheya. Uhlelo lwesu loMnyango lukhombisa ukuthi le misebenzi ehlukene, neshintshwaniswayo ibhekelwa ukuthi yeseka izinhloso zoMnyango.
Ukuthuthukiswa kwezinqubomgomo okubalulekile okuqhubekayo eMnyangweni, ikakhulukazi ukubekwa koMthethosivivinywa ozayo, ikakhulukazi ukudluliselwa kwezinye izindawo kwemisebenzi yezindaba zomphakathi ezinhlanganweni zamazinga amathathu kaHulumeni kanye nokuqalwa ukusetshenziswa kwendlela entsha yomazisi yoMnyango Wezasekhaya i-Home Affairs National Identification System, kuyodinga ukuthi kuphinde kwenziwe ngokungenakuvinjelwa isakhiwo senhlangano yomnyango kanye nohlelo lwebhizinisi. Imisebenzi ihlala njalo ibalulekile kunesakhiwo kanti i-DHA iyaqinisekisa ukuthi uhlelo luhlala lulungiswe ngokwezidingo zomsebenzi.
Ngakho-ke uhlelo olufakwe Ohlelweni Oluyisu lwe-DHA, yize lukhombisa kakhulu isakhiwo samanje, lungolwesimo sezinguquko futhi kufanele lubhekwe ngesimo soguquko esiphilayo esesiqalile eMnyangweni. Ngaphezu kwalokho, ukucaciswa kokugcina kwesakhiwo senhlangano esisha sizoqondisa ukuzimisela konke koMnyango okwenziwe okuzofuneka kwenziwe ngenxa yokwenziwa kwenqubomgomo.
NgokoMthetho, uMqondisi Jikelele ungumsebenzi wolwazi we-DHA. Usizwa amasekela abasebenzi bolwazi ekwenzeni imisebenzi yakhe.
Amagunya oMnyango agxile emthethweni kanjalo nasemibhalweni yenqubomgomo.
Nokuhambisana negunya lawo, uMnyango Wezasekhaya usebenzisa umsebenzi obalulekile Wemisebenzi Yomphakathi kanye Nokuhambela Kwamanye Amazwe.
Lesi sigaba sinikezwe umsebenzi wokwenza ngcono izinhlelo eziqhubekayo zokwenza umsebenzi ngokubonisana noMnyango Wezinkonzo Zikahulumeni kanye Nokuphatha.
Unikeza uMqondisi Jikelele ngokuhlaziya kobungcweti, ngokuhlola, ngokuhlela kanye nosizo lokuxhumanisa, futhi kubalulekile ekuphatheni ngempumelelo kanye nakahle kwemisebenzi ehlukene yekhethelo yoMnyango.
Lo Mnyango Wokuqondisa Omkhulu uncike ehhovisi likaMqondisi Jikelele.
Ukwenziwa kangcono kwemisebenzi kuyinto yokuqala ephambili kuzwelonke, futhi kunezinto ezilindelekile kakhulu ngokwezepolitiki kulokhu. Ukuhlanganiswa komzamo we-DHA wokwenza umsebenzi omunye wemisebenzi yalo Mnyango Womqondisi Omkhulu. Ngenxa yokubaluleka kobudlelwane phakathi kohulumeni ekubhekeleni inqubomgomo ebalulekile nehlelwe kahle kanye nangemisebenzi eyenziwayo, amahhovisi Ezifunda okwamanje abika eHhovisi Elikhulu ngokusebenzisa lomnyango Womqondisi Omkhulu.
Ibandla Labaqondisi Abakhulu: Abantu okwamanje linezingxenye zabaqondisi abathathu: Ukuthuthukiswa Kwabantu, Ukuphathwa Kwabantu kanye Nobudlelwane Emsebenzini.
Ibandla Labaqondisi Eliphezulu libheka abantu emnyangweni, emizameni yezinguquko njengokuqasha labo ababencishwe amathuba ukuphathwa koMthetho wezoBudlelwane Emsebenzini, 1995, Umthetho Wokulingana Emsebenzini, 1998, Umthetho Wokuthuthukisa Amakhono, 1998 kanye nomunye umthetho ophathelene nabantu. Libhekela nomthetho Wemisebenzi Yomphakathi, 1994, kanye neZimiso Zemisebenzi Yomphakathi, 2001.
Ukuhlela ngendlela ekahle kwezindaba zabantu, isibonelo ukuhlela kabusha kanye nokwakhiwa kabusha kwenhlangano. Ukuqashela Umnyango abasebenzi abadingekayo, ukufuna abasebenzi nokubakhetha.
Ukusebenzisa kanye nokunakekela abantu, ukuhlola kanye nokubhekela ukwenziwa komsebenzi wabasebenzi, ukuhola kanye nokuqondisa bonke abasebenzi ekwenzeni imisebenzi yabo.
Ukuqinisekisa impilo nokuphepha emsebenzini kwabasebenzi eMnyangweni.
Ukugcina amarekhodi emininingwane yabasebenzi, isib. Isimo sezimali zabo, isimo somshado, imfundo kanye nokuqeqeshwa.
Ukuthola umbhalo wenkantolo, okungamasamanisi, isaziso ngokuzokwenzeka noma isicelo, okuqondene nakho noma ngenye indlela.
ukubhekelwa kobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu obuhambisana nabo obunjengeNdlela Yokukhomba Imibhalo Yeminwe Okuzenzekelayo kanye nobuchwepheshe baMakhadi Ahlakaniphile (Smart Card).
ukufakwa kanye nokunakekelwa kwendlela egcwele ye-elekhtronikhi yokulawula ukuhamba yaseHhovisi Eliyinhloko, Amanxusa aseNingizimu Afrika asemazweni aphesheya kanye nasemachwebeni okungena eNingizimu Afrika.
wokuthuthwa kwezimpahla kanye nemisebenzi yokwelekelela kumaklayenti angaphakathi.
wemibhalo yobuzwe, imibhalo yokuhamba kanye namaphasiphothi, ukuze kuqhutshwe ukuhamba ngaphandle kwemingcele yeRiphabhulikhi kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika kanye nabanye abahleli unomphelo.
wokuhlinzeka ngomsebenzi wolwazi kulezo zingxenye ezithandayo.
Lolu hlobo lubhekene namarekhodi aphathelene nemisebenzi ngqangi yamayunithi athize. Imininingwane yala marekhodi yenziwa ngezansi ezigabeni zamayunithi athize.
Uhlu olunikezwe ngenhla lujwayelekile futhi akusho ukuthi izihloko ezikhonjiswe zihlala njalo zinamafayela asebenziayo. Lokhu kungenxa yokuthi i-DHA ibhekene nomsebenzi wokugcina amarekhodi okuzazisa abo bonke abantu baseNingizimu Afrika abayizigidi ezingama-45.
Uma kwenziwa isicelo sokuthola ulwazi, kufanele kunikezwe ulwazi oluningi kangangoba kungenzeka ukwenza ukuthi ucwaningo lube lula. Kuyasiza futhi ukusho ukuthi yiliphi ihhovisi elinaluphi ulwazi.
Ukukhonjwa kwamlungu abantu abakhona ezweni, ukunikeza amalungelo kanye namandla athize, ukuqinisekisa ukuphathwa kwezezimali okukahle kanye nokunikeza imisebenzi yokusiza ekuphatheni.
Ukulawula ukwamukelwa kwabantu bangaphandle eNingizimu Afrika, ukufika kwabo kanye nokuhamba kwabo.
Ukulawula ukukhishwa kwezinto ezithile ezishicilelwe, izinto, amafilimi kanye nokokuthokozisa umphakathi.
Ukurejistwa kokuzalwa, kokufa kanye nemishado.
Ukukhishwa kwezitifiketi zokuzalwa, zokufa kanye nemishado.
Ukukhishwa komazisi kanye nomazisi besikhashana.
Ukukhishwa kwezitifiketi zobuzwe kanye nezokwamukela njengento eyimvelo.
Ukuchibiyela imininingwane yomuntu uqobo kurejista yabantu abakhona ezweni.
Ukukhipha izitifiketi zokuhambela amanye amazwe eziphuthumayo, amaphasiphothi esikhashana kanye namaphasiphothi.
Ukukhishwa kwamaviza, izimvume zokuhlala isikhashana kanye nesikhundla sokuhlala unomphelo.
Ukukhipha izimvume zokufuna abantu abacashile kanye nezababaleke emazweni abo ukuthi bezocasha kwamanye amazwe.
Ukubhekelwa kwendlela yokulawula ukuhamba kanye nokuhambela kwamanye amazwe okusemthethweni kanye nokungekho emthethweni.
Amahhovisi ezifunda anikezela ngenhlanganisela yemisebenzi yayo yonke iminyango, kusukela emisebenzini yomphakathi ukuya ekuphathweni kokuhambela kwamanye amazwe, neminye imisebenzi okujwayeleke ukuthi ibe ngaphakathi kwemisebenzi abagunyazwe ukuyenza.
La mahhovisi ezifunda aphinde ahlukaniswa futhi aba amahhovisi angaphansi kwezifunda kanye namahhovisi ezigodi lapho umphakathi ungathola khona izindaba zokuhambela kwamanye amazwe kanye nezemisebenzi kaHulumeni ye-DHA.
Amachweba okungena abhekene nomsebenzi wokuphatha ukungena kanye nokuphuma kwabantu, ikakhulukazi abantu basemazweni angaphandle, emingceleni yaseNingizimu Afrika.
Baqinisekisa ukuthi abantu basemazweni angaphandle abangafanelekile ukungena noma ukuphuma ezweni kubhekwana nabo njengoba kushiwo.
Kuyinto ebaluleke kakhulu kumnyango ukuthi imisebenzi yawo utholakale kubantu jikelele, kungenxa yalokho kunamahhovisi ezifunda, amahhovisi ezigodi kanye nezindawo zokusiza abantu ezweni lonke. Imisebenzi eminingi ye-DHA yenziwa kuwo wonke la mahhovisi.
Amafomu okufaka izicelo atholakala kukhompyutha kanye nolunye ulwazi kungatholakala kuwebhusayithi yomnyango. Ulwazi lokubhaliswa maqondana nemisebenzi yokuhambela kwamanye amazwe kanye nemisebenzi yomphakathi nalo lukhona kuwebhusayithi kulabo abasebenzisa i-inthanethi.
a Uma ngabe Umnyango ufuna ukungenisa izinqubomgomo ezinkulu ezintsha, ujwayele ukukhipha uhlaka lwenqubomgomo njengesiphakamiso esisafuna ukuthi kuxoxwe ngaso kuGazethi kaHulumeni kanti kwesinye isikhathi nakwezinye izindawo zokushicilela, bese kuthi noma yiliphi ilungu lomphakathi lamukelwe ukuthi lilethe imibono yalo ngalesi siphakamiso eMnyangweni. , b Imithetho sivivinywa esiwuhlaka noma ukufingqwa kwayo iyashicilelwa ukuze umphakathi ubeke imibono kuGazethi KaHulumeni ngaphambi kokuba kwaziswe ngawo iPhalamende.
c Uma kwenziwa uhlaka lwenqubomgomo entsha noma lomthethosivivinywa, uMnyango futhi ukhomba bese ubonisana namaqembu athize athandayo, njengezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni; izinhlangano ezisemphakathini kanye noMkhandlu Wamasonto WaseNingizimu Afrika.
d Noma yimuphi umuntu wamukelekile, noma ngasiphi isikhathi, ukuthi abhalele i-DHA ngeziphakamiso maqondana nezinqubomgomo ezintsha kanye nezinguquko kuzinqubomgomo ezikhona uMnyango osicabangayo. Zonke iziphakamiso ezizwakalayo ziyobhekwa.
a IBhodi Yezamafilimu kanye Nokushicilela ibandakanya abameleli bemboni yezamafilimu kanye nezokuthokozisa.
b IBhodi Yokudlulisa Izikhalo Zababaleke Emazweni Abo ibhekela izikhalo zabafuna labo abacashe ezweni abenqatshelwa Ikomiti Elimele Izindaba Zokucasha Kwelinye Izwe.
Ngakho-ke abaqeqeshiwe kanye nezinye izingxenye zomphakathi ezithile bangaba nomthelela kunqubomgomo nasekusebenziseni amandla noma ekwenziweni komsebenzi kule mikhakha ethize ngokusebenzisa la mabhodi angenhla.
ukufaka isicelo eNkantolo Ephakeme sokubukeza izinqubo somsebenzi wokwazisa womnyango; kanye iv nokucela usizo kuKhomishini yaMalungelo Abantu ekusebenziseni ilungelo elingaphansi komthetho.
i Okokuqala, thinta umphathi womsebenzi lowo othintekayo, uzozama ukuluxazulula udaba.
Isinyathelo esilandelayo ukukhalaza kuMqondisi Jikelele, ozokwenza ukuthi isikhalazo lezo siphenywe bese kuthathwa izinyathelo zokulungisa ezidingekayo uma isikhalazo sizwakala.
Isinyathelo esilandelayo ukuthumela isikhalo kuMvikeli Womphakathi.
Lapho kufanele khona, njengesinyathelo sokugcina, kungayiwa enkantolo yomthetho ukuze inikeze usizo olufanele, njengokubukeza noma yisiphi isenzo sokuphatha soMnyango noma umyalelo ophoqelela ukuthi uMnyango wenze esinye isenzo lapho kuke kwaba khona ukwehluleka ukwenza okuthile.
njengokumemezela ukuphikisa ngaphansi komthetho Wobudlelwane Emsebenzini; kanye iii nanjengelungelo lokudlulisela isikhalo kuNgqongqoshe, lapho exoshwa ngenxa yokungaziphathi kahle.
Ukuqondanisa ukuthuthukiswa kwezinqubomgomo ngaphakathi komNyango.
Ukuphatha nokulungisa amahhovisi ayi-10 esifunda.
Ukunikeza inqubo yokuhlela kanye nenqubo yokuphatha kumNyango.
Ukuhlola nokulinganisa izinhlelo zomnyango.
Imibiko Yezibalo Zezimali.
Ibandla Lesiphathimandla: Ukuphatha Ezezimali yisibopho sokuhgambisa nokuphatha izindaba zezimali zomNyango.
Ukuphatha Izimali, okusho ukuthi Ukunikeza izinsizakalo zokukhokha nokwezibalo zama-akhawunti zomNyango wonke, okufaka ukugcina izincwadi nokuphatha ama-akhawunti, ukukhokhwa kwamaholo kubasebenzi kanye nkwenza ukudonsa okufanele kuzikhungo ezifanele.
Ukuphatha ukunikezela, okusho ukuthi ukutholwa kwempahla, izinsizakalo, ukwesekwa ngamalojistiki kanye nokuphathwa kokukhona.
Ukuphatha Impahla Yonke, okusho ukuthi ukugcinwa ngokuphephile kwempahla yonke okufaka ukwakhiwa kwezinqubomgomo kanye nenqubo.
Ukuphatha Ibhajethi, okusho ukuthi ukuhambisa nokuhlola kanye nokugcina ibhajethi elinikezwe i-DHA.
Ukuphatha izinhloso, okusho ukuthi ukweseka umNyango ekuhlaziyeni ukusebenza kwezinqubomgomo eziphakanyisiwe zomnotho nezezimali.
Ukwakha ukwazi ngezezimali ngokunikeza ukweseka kwezezimali nezinhlelo kanye nokuqeqeshwa kwawo wonke amalungu abasebenzi abadinga lolu hlobo lolwazi.
Ibandla Labaqondisi Eliphezulu: Ukuphatha Ezezimali ngokujwayelekile kufaka imibhalo elandelayo, ngaphakathi kweminye. Imibhalo ihlelwe ngokulandela izindaba ephathelene nazo kanye nezihlobo ewela kuzo.
Amarekhodi okubala impahla, amakontikleka abantu ngabanye, Amakontileka Ebhodi Lamathenda Lombuso, amathenda asemthethweni ngekho mthethweni, ukubala impahla yonke ekhona, imibiko yebhodi lokubuza, izitatimende zonyaka ngonyaka kanye nokubuyayo, ukubhalwa phansi kwamanani ezintengo, amarekhodi ekomiti lamathenda, kamye nokuhlolwa kwempahla yonke.
Leli bandla Labaqondisi Eliphezulu alinikezi izinsizakalo ngqo emphakathini, kodwa leseka yonke i-DHA emisebenzini yayo engumnyombo. Isicelo sokufinyelela kumarekhodi aphethwe iBandla LABAQONDISI Eliphezulu zingaqondiswa kwi-ofisa yolwazi, loyo mininingwane yakhe yokuxhumana etholakala esigabeni se-8.2.
Ibandla LABAQONDISI Eliphezulu: Lezindaba zabasebenzi linikeza izinsizakalo zokweseka kuMnyango.
nokunikeza izinsizakalo zokuphatha nokulondeka.
Ulwazi oluphethwe kulezi zinhlobo okufaka izingqubomgomo kanye namarekhodi abasebenzi.
Leli bandla Labaqondisi alinikezi izinsizakalo eziqondile emphakathini. Izinsizakalo zawo zilinganiselwe ikakhulukazi ukweseka ukwenziwa kwemisebenzi esemqoka e-DHA. Isicelo sokufinyelela kumarekhodi aphethwe yileli Bandla Labaqondisi Eliphezulu lingaqondiswa kuselela le-ofisa yolwazi, omininingwane yalo yokuxhumana ibekwe esigabeni - 8.3.2.
Nokugcinwa nokuphathwa Kwezinhlelo Zomphambo Ophakathi.
ISIKHUNDLA Umqondisi Omkhulu: Izinsizakalo Zezakhamuzi.
Leli bandla LABAQONDISI Eliphezulu linesibopho sokugcina irejista yezakhamuzi, ukugcinwa ngokuphepha kwamarekhodi okuzazisa, izindaba eziphathelene nezakhamuzi, izincwadi zokuvakasha kanye namaphasiphothi, omazisi kanye nokuzazisa.
Ukunikezwa kwama-visa, izimvume zokuhlalela safuthi endaweni, izimvume zokuhlala okwesikhashana, izindaba eziphathelene nababaleka emazweni akubo kanye nabafuna indawo yokukhusela, ukuphathwa nokugcina izinhlelo zokuphatha ukuphuma nokungena ezweni, ukuphatha ukungena ezweni ngokungemthetho kanye nezindaba zamazwe ngamazwe.
Umthethosivivinywa Ngokuhambela Kumazwe Ngamazwe.
Ibandla Labaqondisi lokuxhumana lishicilela amaphepha okundiziswa, amabhrosha, amamanyule, amaphaphabhuku, kanye namaphosta njengoba kudingwa yi-DHA. Imibhalo elandelayo itholakala mahhala, uma ngabe ikhona. Ingakwazi futhi ukufundisiswa emahhovisi akhethiwe nakhona futhi uma ngabe ikhona. Uma kudingeka, amakhophi angenziwa okuyilapho izindleko zekhophi zingabizwa njengelevi.
Isicelo sitholwe ngu (yisho isikhundla, igama nesibongo se-ofisa yolwazi/usekela we-ofisa yolwazi) ngomhlaka ...(usuku) e...
Izindleko Zokucela (uma zikhona): R...
Izindleko Zokufinyelela: R...
B. Imininingwane yomuntu ocela ukufinyelela kurekhodi a Imininingwane yomuntu ocela ukufinyelela kurekhodi kumele inikezwe ngezansi.
b Ikheli kanye noma inombolo yefeksi eNingizimu Afrika lapho ulwazi kumele luthunyelwe khona kumele linikezwe.
c isiqinisekiso sesikhundla ofaka isicelo ukuso, kumele sixhunywe uma ngabe kufanelekile.
Amagama aphelele kanye Nesibongo:...
Lesi sigaba kumele sigcwaliswe KUPHELA uma isicelo solwazi senzelwa omunye umuntu.
Amagama aphelele nesibongo:...
D. Imininingwane yamarekhodi a Nikeza imininingwane ephelele yerokhodi ocela ukufinyelela kulo, ufake nenombolo yereferensi uma uyazi, ukuze irekhodi likwazi ukutholakala.
b Uma isikhala esinikeziwe singalingani, uyacelwa ukuba uqhubeke ekhasini elehlukile lephepha bese ulixhuma kuleli fomu. Ocelayo kumele asayine wonke amaphepha ongeziwe.
Incazelo yamarekhodi noma izingxenye ezifanele zerekhodi:...
Eminye imininingwane yamarekhodi:...
E. Izindleko a Isicelo sokufinyelela kumarekhodi, ngaphandle kwerekhodi eliqukethe ulwazi ngomuntu, lizokwenziwa kuphela emva kokuba inkokhelo isikhokhiwe.
b Ocelayo uzokwaziswa ngenai lemali okumele ikhokhwe.
c Izindleko ezikhokhelelwa ukufinyelela kurekhodi yeyeme ekutheni lifuneka ngasiphi isimo kanye nesikhathi esifanelekile esidingekayo ukufuna kanye nokulungisa irekhodi.
d Uma ocelayo evunyelwa ukungakhokhi noma yiziphi izindleko, uyacelwa ukuba unikeze izizathu zokungakhokhiswa.
Uma ocelayo evinjelwa ukukhubazeka okuthile ukufunda , ukubukela noma ukulalela irekhodi efomini elinikeziwe ku-1 kuya ku-4 ngezansi, yisho ukukhubazeka bese ubonisa ukuthi irekhodi lidingeka kuluphi uhlobo.
a Ukuhlonipha isicelo sakho sokufinyelela ngesimo esithile kungeyama ekutheni isimo esinjani irekhodi elitholakala ngaso.
b Ukufinyeleleka ngesimo okucelwe ngaso kungenqatshelwa ngezimo ezithile. Ngaloko ocelayo uzokwaziswa uma ukufinyelela kuzokunikezwa ngesinye isimo.
c Inkokhelo ekhokhwayo ukufinyelela amarekhodi, uma ngabe ikhona izowutholakala ngokuyingxenye ngesimo ukufinyelelka okufuneka ngaso.
Uma ocelayo ecele ikhophi noma okulotshiwe kwerekhodi (ngenhla), kungabe ufisa ukukopisha noma ukulotshwa ukuba kuposelwe kuye?
Izinkokhelo zokuposa ziyakhokhwa.
Qaphela ukuthi, uma ngabe irekhodi alikho ngolimi olukhethwe ngocelayo, ukufinyelela kunganikezwa ngolimi irekhodi elitholakala lingalo.
Yiluphi ulimi ocelayo akhetha ukuba irekhodi libe ngalo?
Ocelayo uzokwaziswa ngokubhalelwa ukuthi isicelo sakkhe sivunyiwe/senqatshiwe. Uma ocelwayo efisa ukwaziswa ngenye indlela, kumele bayicacise leyo ndlela bese nbenikeza nemininingwane efanele ukuze kul;endelwe leso sicelo.
Ocelayo angathanda ukwaziswa kanjani ngesinqumo esiphathelene nesicelo sakho sokufinyelela kumarekhodi?
Isayinwe e ngalolu suku ... luka ... 20...
b Ubufakazi besikhundla ofaka ukuso isikhalazo, uma kufanelekile, kumele kuxhunywe.
Igama eliphelele nesibongo:...
Lesi sigaba kumele sigcwaliswe KUPHELA uma umuntu othile(ongeyena ocelayo)efaka isikhalazo sangaphhakathi.
Igama eliphelele nesibongo:...
Uma ngabe isikhala esinikeziwe singeneli, uyacelwa ukuba uqhubeke ekhasini elinye lephepha bese ulixhuma kuleli fomu. Ocelayo kumele awasayine wonke amakhasi amaphepha angeziwe.
